Sisohlelweni lokuhlukanisa - Mshoza

2012-03-26 12:00

Johannesburg - Izimfihlo ezintathu ebekungamele ziphume, nokusolakala ukuthi eyodwa yazo yiyo eyashayelela isipikili sokugcina ekufadalaleni komshado kaMshoza, seziphumile, kubika iSunday World.

Eyokuqala, uMshoza usolwa ngokukhipha isisu emuva kokukhuleliswa enye indoda ngesikhathi ezama ukuzibulala ngoDisemba wangonyaka ofile.

UMshoza, nogama lakhe langempela kunguNomasonto Maswanganye-Msibi, ungunkosikazi wesiqumama uJacob Msibi.

Nokho-ke uphike walala ngomhlane ukuthi izinsolo zokuzama kwakhe ukuzibulala zazihlobene nokuthi ukhulelwe.

"Noma ngubani lowo owathi ngangikhulelwe ukhuluma into engekho. Uma bethi ngangikhulelwe, iphi pho ingane?" ebuza.

Lo mculi onezingane ezimbili noMnisi uthe: "Akekho ongazi ukuthi asisahlali ndawonye njengoba silungiselela ukudivosa."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Asimdeli u'Mgqumeni'

2014-10-24 17:33
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-31°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 15-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C Mostly cloudy. Mild. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...