Singabangani abakhulu - AbeGenerations

2012-11-06 14:01

Johannesburg - Kuphumani uma uthatha amageza amathathu abonakala njalo kumabonakude emdlalweni owuchungechunge, uwavalela endlini eyodwa?

Iphephabhuku iDrum, lizivalele noThami Mngqolo, 30, odlala indawo kaSenzo Dlomo, kwaba nguThato Molamu, 28, yena odlala indawo kaNicholas Nomvete yase ivala ngo-Anga Makubalo, 23, odlala indawo kaMJ Moeletsi.

Bekuqhuma amahlaya, ukucobana kanye nezindaba.

Kuthiwa uma uhlezi nalaba uhlala uhleka njalo....bayacobana bebodwa, kuqhuma uhleko futhi kumnandi.

Bahlangane nezintatheli zeDrum kwelinye lamahhotela eRosebank, kuzokhulunywa ngakho konke okuhlanganisa izimpilo zabo zangasese, ukulandelwa kwabo ngamantombazane kanjalo nabalingiswa babo kuGenerations.

Abagcini ngokuba ngabalingani emsebenzini, bangabangani abakhulu futhi bachitha isikhathi sabo esiningi bendawonye, nokho okukhulu kakhulu bathi bayawuthanda futhi bayawuhlonipha umsebenzi wabo.

"Ngiyamthanda uNocholas, ngiyathanda indlela abambhalela ngayo," kusho uMolamu.

"Kuwukufezeka kwephupho ukuba kwami kulo mdlalo iGenerations," kujobelela u-Makubalo.




  - Thola lolu daba luphelele kuDrum

  - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

  - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Drum

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-25°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 8-20°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 4-25°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-24°C Morning clouds. Mild. PE: 9-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...