Sigxekiwe isinqumo sikaBonang

2012-09-11 13:15

Johannesburg - Umethuli wezinhlelo kuthelevishini nowayengumsakazi, uPenny Lebyane, uzwakalise ukudumala ngesinqumo sikaBonang Matheba sokuhoxisa amacala abewabeke uThemba Nkosi, nowaziwa ngelikaDJ Euphonik, kubika iSowetan.

Laba bobabili bafinyelele esivumelwaneni sokuxazulula lolu daba ngaphandle kwenkantolo.

UMatheba obengumethuli weLive ube eseyalela inkantolo ukuthi ahoxiswe wonke amacala abekwe lo msakazi we-5FM ophinde anandise emakilabhini ngokuklwebha amapuleti.

ULebyane uthe: "Ngiyayiqonda ingcindezi uBonang angaphansi kwayo, kodwa ukuhoxisa amacala sekuvele kwadibhiza yonke imizamo yokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane.

"Abaningi babukela kuBonang kanti la efika khona kuyacaca.

"Manje umelwe ngumsebenzi wokuchaza ukuthi kungani ehoxise amacala kula mantombazane abukela kuyena naseke adlula kulokhu adlule kukho.

UMatheba ethintwa akathandanga ukuphawula ngalolu daba.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 3-19°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 7-20°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...