Sekuphelile ngami noChris Brown - Rihanna
2012-12-19 12:35
New York - URihanna kubukeka sengathi uqinisekise ukuthi abusekho ubudlelwane phakathi kwakhe nomculi okuleli uChris Brown ngesikhathi ebhala enkundleni yezokuxhumana i-Instagram.
Lezi zithandani ezinezinkinga zibuyelene ekuqaleni kwalo nyaka kodwa kubukeka sekushabalele njengoba uRihanna ethi "akumnandi ukungathandani namuntu ngoba wenza into oyithandayo".
Laba bahlukana ngemuva kokuthi uChris, 23, emshaye wavuka esibhedlela ngo-2009.
Lo mculi, 24, uke waphithana ikhanda ukudinwa ngesikhathi kuphuma izithombe zikaChris ezibiza namanye amantombazane ephathini eParis, waphinda wabonakala enesidlo nalowo owake waba yintombi yakhe uKarrueche Tran, eDubai.
URihanna uthe: "Ningabovumela abafana banenze nibadabukele ngamaphutha abo."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- BangShowBiz