Owesifazane usola oweKwaito 'ngokumtapela' isoka

2015-08-19 08:02

Pretoria - Owesifazane wasePitoli usola isihlabani seKwaito uNomasonto "Mshoza"Maswanganyi ngokumthathela isoka lakhe elingusomabhizinisi uMahanyi Hendricj Mabunda, ngokusho kombiko.

Ngokubika kweSunday Word uPalesa Diale usola lo mculi wodumo lwengoma iKortes ngokuthatha indoda yakhe.

"Lona wesifazane akathele igazi phansi ehlise umoyo, aqhubeke nokuba umakhwapheni wendoda yami," lo mculi ephendula leli phephandaba.

Kubikwa ukuthi uMabunda wenqabile ukuphawula ngezinsolo zikaDiale.

OLUNYE UDABA: Izihlabani zomculo zichitha amahlebezi okungazwani

"Ngiyamazi, ngethulwa kuyena ngomunye wabangani bami, kodwa angifuni ukuqhubeka nokuphawula ngaye ngoba ukuphathisa okomlandeli ofuna udumo ngokusebenzisa igama likaMshoza.

Ngiyamthanda uMshoza hhayi yena," uMabunda etshela leli phephandaba eliphuma ngeSonto.

UDiale uthe lo somabhizinisi sekunesikhathi ephika ukuthi ujola noMshoza, kanti muva nje akasazibambi nezingcingo zakhe.

"Ngihlukumezekile ngalokhu akushoyo ukuthi ngiziphathisa okomlandeli ekubeni engadumile kunabantu esengike ngajola nabo," uDiale etshela iSunday World.  

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C High level clouds. Mild. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-24°C Showers late. Broken clouds. Mild. Bloem: 16-25°C Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 21-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 19-26°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...