OwePSL kolwesondlo sengane yakhe

2015-06-14 13:36

Johannesburg – Angase abhekane nengalo yomthetho mayelana nokondla indodakazi yakhe eneminyaka emithathu ubudala umdlali wasesisiwini wePlatinum Stars uSolomon Mathe.

Ngokubika kweSunday Sun uMathe oshadile kodwa onguyise wale ngaye ayithola engakashadi ngoMsombuluko utheleke lapho kuhlala khona unina wengane yakhe u-Agnes Tsholo wamvezela incwadi ebhalwe ukuthi akasasebenzi.  

Kubikwa ukuthi uMathe ubondla le ndodakazi enkantolo njengoba ebeyikhokhela u-R1 800 ngenyanga emholweni wakhe ka-R60 000. 

U-Agnes uthe uMathe ufike wamtshela ukuthi iqembu aliyivuselelanga inkontileka yakhe ngakho ngeke esakwazi ukuqhubeka nokondla.

OLUNYE UDABA:Izinkumbi kufihlwa "uSompisi" eLamontville

Angimkholwa ngiyazi ukuthi uqamba amanga. Ungubaba wengane kumele ayinakekele ayondle.

Ucabanga ukuthi uhlakaniphile kodwa ngiyazi ingalo yomthetho izomqondisa,” kusho u-Agnes.

Leli phephandaba lixhumane nomqeqeshi waleli qembu uCavin Johnson mayelana nokungavuselelwa kwenkontileka kaMathe.

UJohnson uthe iqembu ngoMsombuluko lizokhipha isitatimende esisemthethweni mayelana nabadlali abasha nabahambayo ngakho ngeke aphawule ngodaba lomdlali oyedwa.

“Iqembu lizokwazi abezindaba ngoMsombuluko mayelana nekusasa labadlali.” 

Imizamo yokuthola lo mdlali iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Sunday Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
6 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 18-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 18-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...