OweMuvhango uthi akusizo ezokufakelwa ezakhe

2015-08-26 18:18

Johannesburg - Umlingisi weMuvhango osedume ngokuba nezinqa ezinkulu, uBuhle Samuels odlala indawo kaMatshidiso ku-SABC 2 uchitha eyokufakela izinqa.

Ngemuva konyaka eqalile ukubonakala kulo mdlalo uBuhle wabangundabuzekwayo njegoba wonke umuntu wayebabaza izinqa zakhe.

Abantu besilisa babekuthokozela ukuzibuka okwenza kwanyuka izibalo zalo mdlalo kodwa abantu besifazane bona babengamfuni, begxeka uma eke wabonakala kuthelevishini ikakhulukazi ngoba abantu besilisa babethe njo kuye okwenza kwasabalala amahlebezi okuthi wazifakela izinqa.

OLUNYE UDABA: Uyazikhulumela oweMuvhango ngezinqa zakhe

Izitolo zaseGoli zaqala zadayisa imiqamelo yezinqa  ezazibizwa ngokuthi yiMatshidiso eyayidayisa sengathi amakhekhe ashisayo kulezi zitolo.

UBuhle wazithola esesimweni esingesihle njengoba kwakufanele aqinisekise abantu ukuthi izinqa zakhe akuzona ezokufakelwa. UBuhle wakuthola kunzima nokuthi afake isithombe sakhe enkundleni yezokuxhumana.

Kamuva nje uthathe isinqumo sokusivezela ukuthi izinqa zakhe ngezangempela njengoba efake isithombe enkundleni yezokuxhumana, kubika iSundayWorld.

ISITHOMBE:


- News 24

Phawula kulolu daba
5 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...