OweKhumbul'ekhaya ubuyelane noweMuvhango

2015-06-13 10:14

Johannesburg – Usebuyelene nesithandwa sakhe umethuli wohlelo oluyintandokazi kwabaningi iKhumbul’ekhaya u-Andile Gaelesiwe ngokusho kombiko.

Ngokubika kweDrum u-Andile oneminyaka engu-41 ubudala usebuyele nesithandwa sakhe esingumlingisi weMuvhango uLesley Musina oneminyaka engu-34 ubudala udlala indawo kaNdalamo.

OLUNYE UDABA: Kungishintshile ukuya ejele - Cassper Nyovest

Phambilini kwabikwa ukuthi ligqabukile igoda lothando phakathi kwalezi zithandani kulandela ukuthi u-Andile ethole ukuthi uMusina uyaphinga.

U-Andile wamlaxaza lo mlingisi ngemuva kwalokhu kodwa muva nje kubikwa ukuthi sebebuyele kanti bathandana kakhulu kunakuqala.

Lezi zithandani zisanda kubonakala emcimbini ziphulazana zingadedelani okukhombisa ukuthi izinto sezihamba ngononina.

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...