Owayegijima kuMaZulu uthokozela ukucula umaskandi

2015-01-07 16:02

Johannesburg – Uthi uyakuthokozela ukuba ngumculi kaMaskandi owazakhela udumo ebholeni likanobhutshuzwayo uuMlethwa uMajola.

Ngokubika kweDaily Sun uMajola owayegijima kuMaZulu FC  wabeka amakhokho ethala ngo-1992 wabe esengena emculweni.

Nakuba ehlale isikhathi eside esemculweni uMlethwa kodwa uze wakhi[ha i-albhamu yakhe yokuqala ngo-2010.  

“Ngiyakuthokozela ukuba wumculi njengoba kwaba yiphupho lami kusukela ngikhula.

OLUNYE UDABA: USgwebo uzowubeka kwelinye izinga umaskandi

Kulezi zinsuku angikwazi ukuhamba ezitaladini ngingamiswa ngabalandeli bomculo wami,” kusho uMlethwa enanela ngokuthi nabanye abaculi kulo mkhakha sebeyamhlonipha manje.

Kusukela eqale ukukhipha ama-albhamu ngo-2010 useke wahlabana nezindondo ezimbili zamaSouth African Traditional Music Achievemnt Awards. 

UMlethwa uthe uyakuthokozela ukucula nabaculi abahlonishwayo emkhakheni kaMaskandi okubalwa kubo uThokozani Langa, Mtshengise Gcwensa neziNgane Zoma nabanye.  


      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...