Oshaya owokholo kwelocansi nengane

2013-02-11 10:01
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Isihlabani somculo wokholo esisho kunanele izihosha, sisemanyaleni njengoba siphenywa mayelana necala lokulala lize likhulelise intombazane eneminyaka engu-15 ubudala, yaseFree State.

Ngokusho kombiko weSunday World, uSechaba Bali, wakhulelisa ingane, isaneminyaka engu-14 ubudala, ngemuva kokuthi eyigxishe utshwala, lokhu kwenzeka ngenyanga kaJanuwari ngonyaka owedlule.

Ngenxa yeminyaka intombazane ligodliwe igama layo, uSechaba uthi wayengazi ukuthi intombazane incane ngeminyaka.

"Imindeni yavumelana ngokuthi ngikhokhe inhlawulo ngiphinde ngondle ingane. Konke lokhu ngiyakwenza," eziphendulela.

"Ngempela ngangingazi ukuthi ungaphansi kweminyaka, wangitshela ukuthi uneminyaka engu-17 ubudala, ngathola ukuthi una-15 ngesikhathi esekhulelwe. Ngisalinde amaphoyisa ukuthi asho ukuthi kuzokwenzekani."

USechaba uthi walala nentombazane lena, ngemuva kokuthi ebe nengxabano nomkakhe.

"Ngangibalekela izinkinga zasekhaya, ngabhadi ngazifaka kutalatiya olukhulu."

Izindaba lezi zivezwe osondelene nomndeni wentombazane, othe yamtshela ukuthi uSechaba wayinika u-R1000 ngemuva kokulala nayo, wathi ingatsheli muntu.

Okhulumela amaphoyisa aseFree State uBriagadier Billy Jones uthe: "Umsolwa ubengakaboshwa ngenxa yokuthi akatholakali ummangali."



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).





- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
3 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-25°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 11-19°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-16°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...