Ngizothi ukuma kancane ekuzenzeni muhle - Mshoza

2012-05-17 10:02

Johannesburg - Umculi wekwaito osephenduke unontandakubukwa, uNomasonto "Mshoza" Mnisi, ngeke esayenza i-plastic surgery njengoba bekulindelekile, kubika iSowetan.

NgoMgqibelo wayezishaya isifuba kuSoweto TV, ohlelweni iLKG Show ukuthi uzophindela ngaphansi kwezinaliti nalapho efuna ukuba mpofu kakhulu ngebala afane nomculi waphesheya uChristina Aguilera, aphinde enyuse namabele.

Kodwa kuleli sonto ushaye ingwijikhwebu ngesikhathi etshela iSowetan ukuthi useluhlehlisile lolu hlelo "ngenxa yezinkinga ezikhona okwamanje".

Lowo obengumyeni wakhe uJacob Mnisi uthi kungenzeka ukuthi uMshoza uhlehlisa nje ngoba nakhu eswele imali.

"Ngisameseka ngasezimalini, kodwa ngeke ngimoshe imali yami ngimenze abe muhle ngoba ngakwenza ekuqaleni kanti ngenzela enye indoda."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 17-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-25°C High level clouds. Warm. Bloem: 15-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Morning clouds. Mild. PE: 16-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...