'Ngiyathanda ukuba yi-albino'

2012-11-26 12:03

Johannesburg - Unebala elikhazimulayo elubushelelezi elimhlophe qwa, usho ngamehlo ansundu futhi umamatheke kushaye enhliziyweni - ukukha nje phezulu ngaye.

URefilwe Modiselle uhlangana nabezindaba zeDrum, ushaye isikibha ne-jean okumkhipha ubunjalo bakhe, lesi siphalaphala esinebala elimhlophe kukhulunywa ngaso ngapha nangapha eNingizimu Afrika.

UModiselle ungumkhangisi wakamuva wezingubo zokugqoka zakwaLegit, ukuwina kwakhe lo mncintiswano kuqede ukubukeleka phansi kwabantu abanebala elimhlophe nabaziwa njengeziphiwo noma ama-albino.

“Imithetho ebekiwe echaza ukuthi kumele owesifazane "wangempela" abukeke kanjani, sengiyephulile. Ngiyajabula ukuthi abakwaLegit bakhetha mina," kusho lo mkhangisi oneminyaka engu- 26 ubudala.

Abanye bosaziwayo abake bakhangisa izimpahla zakwaLegit bahlanganisa uBonag Matheba noMinnie Dlamini.

“Labosaziwayo sebephenduke osomabhizinisi abazibonakalisayo. Ngiyafisa nami ukuthi ukuqokwa kwami kwakaLegit kungivulele eminye iminyango.



  - Thola lolu daba luphelele kuDrum

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Drum

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Morning clouds. Cool. Pta: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 8-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 12-17°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...