Ngisizwa ukugxila kakhulu kuMdali – Kelly Khumalo

2015-01-20 18:31

Johannesburg - Umzwilili osematheni kulezi zinsuku uKelly Khumalo ukhulume emsakazweni Metro FM wathi abantu abangakuvumeli ukutshelwa ngabanye ngempilo yabo.

Lo mculi ubemenywe ohlelweni luka-Amon noSiphokazi ebeyodudula i-albhamu yakhe entsha ethi Back to My Roots, enenoni i-Asine.

Ebuzwa ukuthi uphume kanjani ebunzimeni abebhekene nabo uphendule wathi: “Ukholo lwami kuNkulunkulu yilo olungenze ngakwazi ukubekezela ngisho ngisethunzini elimnyama," ezikhulumela.

OLUNYE UDABA: Asikho isikhathi sokuzikhotha amanxeba - Kelly Khumalo

Kulokhu bekubhekiswe ekushoneni kukanozinti weBafana Bafana uSenzo Meyiwa, owadutshulwa evakashele uKelly kubo eVosloorus ngonyaka odlule.

Ube esethatha ithuba wabonga abalandeli bakhe ngokuma naye njalo.

“Ngithanda ukubonga kakhulu abalandeli bami ngokungeseka noma izinto sezibheda kangakanani. Nalabo abathenga amathikithi uma nginandisa ezindaweni, ngithi ngiyabonga.”



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-30°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-27°C Rain early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-31°C Isolated tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 19-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...