Ngiphile saka: Menzi Ngubane

2011-08-29 08:38
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Umlingisi ohamba phambili kuGenerations nasefilimini iHow to Steal 2 Million, uMenzi Ngubane uthi useluleme ngokuphelele emuva kokuxinwa ukugula okucishe kwambulala, kubika iphephendaba iSunday World.

Ekhuluma naleli phephandaba okokuqala kusukela angeniswa esibhedlela, uNgubane uthe uthanda ukubonga bonke abalandeli bakhe ngokumeseka esikhathini esinzima empilweni yakhe.

Kodwa lo mlingisi uthi akakabi asiqiniseko sokuthi uzobuyela nini emsebenzini, kodwa imithombo esondelene naye ithi kulindeleke abuyele emsebenzini ngoLwesihlanu.

“Ubukeka eluphele, engeyena lo Ngubane esimaziyo," kusho omunye wabasebenza naye.

UNgubane wangeniswa esibhedlela iHelen Joseph, eGoli, emuva kokuxinwa yizinso.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 

- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Sunny. Mild. Pta: 12-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 11-19°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 5-22°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 17-24°C Haze. Mild. PE: 12-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...