Ngiphila iphupho - Terry Pheto

2012-11-19 12:03

Johannesburg - Ubani ongakhohlwa yilesiya singqazu sentokazi esasihlobe ngengubo enhle ebomvu yeMarianne Fassler!

Ngokungafani nezinye izihlabani ezisebenze kanzima zizakhela igama, umlingisikazi uTerry Pheto izinto zibe lula – wagxuma esuka ekubeni ngongaziwa, waba ngusaziwayo ngemuva nje kokulingisa kanye efilimini ethi Tsotsi, neyabuya nendondo ye-Oscar, kubika iDrum.

Ngokuphazima kweso wazizuzela udumo emhlabeni wonke ngokuba yisihlabani kwezamafilimu.

Ngokushesha, ubuso bakhe obuhle bagcwala emakhaveni amaphephabhuku kuleli naphesheya.

Uthi wayengase azakhele udumo olukhulu nakakhulu kodwa wakhetha ukugxila emsebenzini wakhe ukuze azicije ekulingiseni.

“Yebo, bekungethusa kona indlela izinto ezivele zasheshe zahlangana ngayo. Yize inhloso yami kwakungelona udumo, kodwa ukuba ngumlingisikazi ovelele," esho emamatheka.

UPheto usebonakala emdlalweni waphesheya kwezilwandle iThe Bold and the Beautiful.


 - Thola lolu daba luphelele kuDrum

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Drum

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C Afternoon clouds. Mild. Pta: 11-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C High level clouds. Warm. PE: 16-23°C a few showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...