Ngingenza ngaphezulu kukaR2m ngobusuku - Cassper Nyovest

2015-06-29 12:32

Johannesburg – UCassper Nyovest usephendule ngokusemthethweni izinsolo ezenziwa u-AKA mayelana nokuthi waqamba ngokuthi wenza izigidi zamarandi ngenyanga engomeni yakhe esihloko sithi  ‘428 to LA’.  

Ngokubika kweSowetanlive uNyovest, esikhundleni sokuchaza ngale ngoma udalule ukuthi ngobusuku obubodwa kwesinye isikhathi wenza ngaphezulu kuka-R2 million. 

“Ngenza izizumbulu zemali futhi nginamabhizinisi ami.

"Angiyena nje umrepha kuphela, ngiziphethe kumabhizinisi ami.

"Nginesiphuzo sami, nginelebula lezimpahla zokugqoka futhi nginezindlu.

OLUNYE UDABA: Uzolwela imali kaSenzo uKelly: Umbiko

"Nginabaculi abaqopha ngaphansi kwami, ngizenzela imicimbi yami engingenza u-R2million ngobusuku ngayo,” kuchoma lo mrepha okhale ngaphansi kumaBET Awards ngeSonto kusihlwa.  

“Isizathu esenza bathuke abanye omrepha ngoba abasondeli nakancane kwi-million emalini abayenzayo.”

U-AKA ogamalakhe langempela uKiernan Forbes wasola uNyovest ngokusenga ezimithiyo ngokwenza izigidi zemali ngenyanga futhi wathi uyajabula ukuthi akaqambi amanga ezingomeni zakhe. 

“Ngiyaziqhenya ukuthi angiqambi amanga uma ngiqopha izingoma zami.

"Ngisanda kuzwa umrepha wakuleli eqamba amanga ukuthi wenza isigidi ngenyanga .Osomahlaya!” kubhuqa u-AKA. 

UNyovest uthe kumthusile ukuvuka ngalo mbhalo ka-AKA kwiTwitter ngoba ubecabanga ukuthi sebakhumelana umlotha. 

“Ngididekile ngoba bengikhuluma naye ocingweni kuyangixaka ukuvuka ngalokhu.

"Akukho engizokusho okubi ngimfisela inhlanhla uKiernan sengathi angaqhuba kahle.”

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Mild. Pta: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-24°C Sunny. Mild. Bloem: 3-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 13-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...