Ngenza ucansi kaningi ukuze ngikhulelwe - Kim

2015-03-07 08:06

New York – Isimomondiya sikasaziwayo uKim Kardashian uphumele obala elibeka ngembaba ukuthi yena nomyeni wakhe uKanye West benza ucansi kaningi ngosuku ngenhloso yokuthola omunye umntwana.

UKim oneminyaka engu-34 ubudala banendodakazi enezinyanga ezingu-20 ubudala uNorth West kanti kubikwa ukuthi benza konke abangakwenza bathole umntwana wesibili.

Ngokubika kweTimeslive iBand Showbiz icaphune lo mculi ethi:

“Ngenza ucansi izikhawu ezingaphezulu kuka-500 ngosuku,” ngokombiko.

OLUNYE UDABA: Benzani uKim noKanye bezivalele ethoyilethe?

Ngenyanga eyedlule uKim wacashunwa ethi:

“Ngizama kanzima futhi kaningi ngosuku.

Nori lokhu ngikwenzela wena uyamdinga ozokwelama.”  

UKim kubikwa ukuthi waqhuba wathi uze uyathandaza ngokuthi akhulelwe.

“Ngiyafisa ukube bengingabe ngikhulelwe kodwa ngeshwa angikhulelwe.”

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- BangShowBiz

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
3 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...