Ngeke ngixolise - Slikour

2012-04-20 10:08

Johannesburg - Umculi odume ngelikaSlikour, nogama lakhe langempela kunguSiyabonga Metane, uthi abantu abaningi abacaciselekile kulandela intukuthelo ngeculo lakhe elisha, kubika iSowetan.

Iculo lalesi sihlabani se-hip hop elithi Blackz are Foolz, alamukelekanga kahle kubantu abamnyama njengoba lisezindebeni zabaningi kuleli.

Abathandi bomculo babhikisha bafonela neziteshi zomsakazo, bethi lo mculi unyuka abantu bangakubo.

Kodwa uthi uma abantu belindele ukuthi agobele umthetho axolise, mabakhohlwe.

"Leli culo liqhakambisa ukuthi abantu bakithi kumele bazigqaje . Bayeke ukuthembela kuhulumeni, nami ngizibala phakathi lapho. Kuwumkhuba odlangile kubantu abamnyama okumele uphele. Siyathanda ukuhlala silinde ukukhangezwa nguhulumeni," esho.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ubishe ezikweletini umculi

2015-03-06 16:01
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-30°C Showers late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-24°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Showers early. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 18-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 19-26°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...