'Ngeke ngimvakashele ejele uJub Jub'

2012-10-30 10:34
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Yize noma uyise wendodana yakhe eneminyaka emibili ubudala elahlwe yicala lokubulala, ukushayela edle amponjwana nokuzama ukubulala, uKelly Khumalo uthi akaxhumi lapho, kubika iDrum.

"Leso sigaba sempilo sidlulile manje, futhi sekuphele unyaka kunjalo," esho.

Uthi manje osekumqoka ukukhulisa indodana yakhe, uChristian nokuthuthukisa umculo wakhe.

UKelly noMolemo 'Jub Jub' Maarohanye bathandana cishe iminyaka emithathu, kodwa ubudlelwano babo babunezinkinga zotshwala nezidakamizwa.

"Hhayi ngoba nakhu nginenhliziyo embi, kodwa uJub Jub nami kade sahlukana ngakho ayikho into esihlanganisile manje. Akazange abe ngubaba oqotho esengaphandle ngakho ngeke ngimfunze ngengane avele angayifuni," eqhuba ngesikhathi ebuzwa ngokuvakashela uMaarohanye ejele.

Uthi ingane yakhe ayimazi uyise ngoba vele ubengayinaki.



 - Thola lolu daba luphelele kuDrum

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
3 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 10-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-17°C Sunny. Mild. Bloem: 6-16°C Mostly sunny. Cool.
Dbn: 17-22°C Morning clouds. Mild. PE: 11-19°C Passing showers. Clearing skies. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...