Ngeke ngibaphoxe abalandeli bami - Khaya

2012-10-12 12:02

Durban - Lowo ongowokuqala webala elimnyam ukunqoba umncintiswano wokuvundulula ithalente lomculo, ama-Idols, uKhaya Mthethwa uthi ngeke abaphoxe abalandeli bakhe, kubika iTimeslive.

"Ngiyasaba ukubaphoxa, ngakho kumele ngiqinisekise ukuthi ngiyazimisela, nokuthi ngingakhohlwa lapho ngiphuma khona nokuthi kungani ngangenela lo mncintiswano," kusho uMthethwa ngoLwesine.

"Ngesikhathi ngizibandakanya nama-Idols ngangiziphendlela ikusasa emculweni. Kumele ngingazimatanisi nezinto ezingasile nezingona ikusasa lami."

UMthethwa uthembise ngokuthi uzozama ukuthi abe ngumnqobi wokuqala ukuwina ama-Idols, ukuphumelela kunalaba aseke baba khona.

"Ngeke ngibaphoxe abazali bami, ibandla, umphakathi nabalandeli. Ngiyasaba impela ukuphoxa labo abangivotele," esho.

UMthethwa wamukelwe ngenhlokomo eKing Shaka International Airport ngoLwesine, kanti phakathi kwezicukuthwane ebezikhona ngunkosikazi kaMengameli Jacob Zuma, uThobeka Madiba-Zuma neMeya yeTheku uJames Nxumalo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Umlingisikazi empini nesoka

2014-11-27 14:02
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-30°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-21°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-21°C Scattered clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...