Ngasinda kukubi - Fikile Mlomo

2012-12-12 10:04

Johannesburg - Umculi wowokholo uFikile Mlomo uthi abantu besifazane mabathole usizo uma behlukunyezwa. Ukhiphe i-albhamu entsha ngo-Okthoba esihloko sithi Noma Kunje.

UMlomo, nodabuka emijondolo yaseLindelani ngaphandle kweTheku, KwaZulu-Natal, uthe: "Ngikhule kanzima ngenxa yokuthi umama nogogo bebengakwazi ukusithengela esikudingayo."

Ngenxa yokuthi umndeni wakhe wawudla imbuya ngothi, uMlomo kwadingeka ukuthi ayeke esikoleni efunda u-Grade 11 eyohlala nesoka lakhe, 21, kubika iSowetan.

"Bengineminyaka engu-15 ngesikhathi ngiqala ukuthandana nomuntu ongishayayo ngakhulelwa ngineminyaka engu-16 ubudala.

"Isoka lami ngaleso sikhathi lalingishaya ngisho kungonakele lutho uma like laphuza."

Uthi wayebafihlela abakubo ngalokhu, alinde aze aphole bese eyagoduka ngoba evikela isoka.

Lokhu kwaqhubeka kwaze kwaba kushona ingane yakhe eyayinezinyanga ezine izelwe.

"Ngisho nangesikhathi sengikhulelwe wayengishaya. Ngayibeletha ingane yaphila, kodwa kwathi ngelinye ilanga silwa yashonela khona lapho."

Uthe abesifazane abangathuli uma behlukunyezwa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-29°C a few showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 15-24°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 17-29°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 18-32°C Tstorms late. Morning clouds. Warm. PE: 16-24°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...