Ngangisaba ukudla amazambane - Beyoncé

2013-02-01 10:04

New Orleans - Uvalelwe kubhojwana usaziwayo womculi uBeyoncé, ngesikhathi evele ngaphambi kwesithangami sabezindaba, ngaphambi komdlalo i-American Football Championship Super Bowl, wagcina evuma ukuthi wayenyakazisa umlomo kuphela engaculi ngesikhathi kugcotshwa uMengameli uBarack Obama.

Ngesikhathi ephekwa ngabezindaba, uBeyonce uthe ungumuntu othanda ukwenza izinto ngobunyoninco, wathi wayengafuni ukwenza amaphutha ngesikhathi eculela u-Obama.

Uthi usuku lokugcotshwa kukamengameli wusuku oluvusa imizwa, ngalokho wayesaba ukuthi angase enze amaphutha.

"Ngizilolonga kuze kweqe, angisitholanga isikhathi sokulungiselela ukucula iculo lesizwe," eziphendulela

"Ngenxa yokungazilungiseleli ngendlela, ngasaba ukuthatha amashansi. Kwabe kugcotshwa umengameli, ngangifuna ukumjabulisa kanye nezwe lami lonke, ngingawenzi amaphutha."


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Mild. Pta: 4-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-14°C Sunny. Cool. Bloem: 1-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-26°C Sunny. Mild. PE: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...