Ngabe useshiye ngempela uProfessor eKalawa?

2015-06-28 13:42

Johannesburg - Isihlabani somculo weKwaito esidume ngelika Professor sifuna ukushiya ngaphansi kwesitebele seKalawa Jazmee.

Ngokusho komthombo ongaphakathi kulesi sitebele, uProfessor, okunguMkhonzeni Langa, akeneme ngendlela i-University of Kalawa Jazmee emaketha ngayo i-album yakhe entsha.

Omunye umthombo uthi: “UProfessor akaseyena umculi weKalawa  – selokhu atshela uMahoota ukuthi wehlulekile ukumaketha i-album.

“Akasakhulumisani noMahoota. Uma ufuna ukumbhukha kulezi zinsuku, kumele ufonele yena ngqo.”

Funda nalolu daba: 'Owayejola noKelly' uthembisa ngokugeqa amagula

“Usola uMahoota ngokungayinaki i-album yakhe yango-2014, nengadayisanga kahle.”

Omunye umthombo uthe: “Ufuna ukuziqalela isitebele sakhe esingahlanganise lutho neKalawa.”

Omunye umculi owaziwayo ongafunanga kudalulwe igama lakhe, uthe: “kukhona ukuziphakamisa eKalawa nokwenza abantu bagcine bengazwani.”

“U-Uhuru washiya, i-album yeTrompies ayenzanga kahle, kanti noWinnie Khumalo naye washiya engayiboni inqubekela phambili.

“Bonke bakhala ngoMahoota!”

ISunday Sun ithi itshelwe ukuthi uProfessor ubonakale emahhovisi eSony music eGoli kodwa yena walile ukuphawula ngesikhathi efonelwa.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- Sunday Sun

Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...