Nangu umfana wami – Doctor Khumalo

2011-10-06 10:31
Owayedlalela iBafana Bafana, uDoctor Khumalo nomndeni wakhe. (Dino Codevilla, Drum)

Owayedlalela iBafana Bafana, uDoctor Khumalo nomndeni wakhe. (Dino Codevilla, Drum)

Johannesburg - Ugqoke amajini amhlophe ambambayo kanti ubukeka emuhle njengemodeli esanda kwehla esiteji, okuyinto engekude naye njengoba ezinsukwini ezi-mbalwa usanda kulontsha ilebula lakhe lezingubo zokugqoka eNamibia.

UBlanche, unkosikazi wobengumpetha wezebhola uDoctor Khumalo asebeshade iminyaka emihlanu, usanda kubuya emva kokwambula ilebula lakhe lezingubo zokugqoka, iBlanchero, ezweni lakubo azalwa kulo kanti labo phathina kuyacaca ukuba basayizwa imithelela yezinhlelo zabo ezimatasa. Kodwa njengamaphrofeshinali bazimisele ukugxila ekuthwetshulweni ikhava bendawonye njengomndeni.

Yize kunjalo indodana yabo eneminyaka emithathu ubudala, uDiego, weqa amajikijolo ngenkathi egijigijima engadini ecwalwe kahle yaseMarion on Nicol Boutique Hotel eseGoli – okuyindawo abazothwebulela kuyo izithombe.

"Baba, baba, woza uzobheka idamu lamanzi," kusho uDiego ememeza uyise. "Ngingagqumela phakathi kulo?" "Cha, zama ukungazingcolisi,"  kusho uDoctor ona-44 ubudala noye wamthengela i-ice-cream esikhundleni salokho.

Le ndaba ungayithola yonke kwi-Drum.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Move!

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 7-24°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...