Lifezekile iphupho likaWinnie Mashaba

2013-01-11 13:01

Johannesburg - Isihlabani esishaya umculo woKholo uWinnie Mashaba, ugcine ngokulifeza iphupho lakhe lokuba nesitifiketi sika-matric, kanti manje uthi uhlela ukuqhuba imfundo yakhe.

UMashaba, 31, ubhale ukuhlolwa kwakhe ngonyaka owedlule, esikhungweni sabantu abadala, ePolokwane, eLimpopo.

Umbiko weSowetan uthi lo mculi uphase iSepedi, English, Natural Sciences, Human and Social Sciences, Life Orientation,Eeconomic, iManagement Science neMaths and Maths Science.

UMashaba uthi wakhetha ukubuyela esikoleni kuze ezogqugquzela abantu abasha.

"Njengomculi ngiyabona ukuthi abantu abasha abaningi badinga ukugqugquzelwa. Ngiyathemba bakhona abazosika iphethini kulokhu engikwenzile, baqale banake izindaba zemfundo yabo,” echaza.

UMashaba uthi bekungamkhathazi nakancane ukuthi abantu bazothini ngaye uma ebuyela esikoleni, njengoba agcina ngesikhathi ephasa u-Grade 11, eMashopye Senior Secondary School, ngo-2000.




 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Morning clouds. Cool. Pta: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 8-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 12-17°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...