Kwakumnandi eZimbabwe - Cassper Nyovest

2015-04-29 11:31

Johannesburg - Umrepha wakuleli uRefiloe Maele Phoolo odume kakhulu ngelikaCassper Nyovest ubuye ephephile kuleli ngemuva kokuyonandisa eZimbabwe yize asatshiswa ngokubulawa.

Lo mrepha uye eZimbabwe ngempelasonto wafaka ama-video amabili enkundleni yezokuxhumana u-Instagram etshengisa abalandeli abayiznkulungwane ababehambele ikhonsathi yakhe bedansela nengoma yakhe eshisa izikhotha iGhetto, kubika iJuice.

OLUNYE UDABA: UCassper uthi uzonandisa mahhal eZim

UCassper ubhale kwenye yama-video ukuthi: "Mafowethu kuningi okusafanele sikufunde kwamanye amazwe ase-Afrika. Kukho konke obekuqhubeka kuleli, kuhlaselwa abokufika, ngaqunga isibindi ngalibangisa eZimbabwe ngayonandisa ngisho sengisatshiswe ngokubulawa. Azizange zibe khona izigameko zodlame kunalokho kwabamnandi."

Buka nanka ama-video ekhonsathi yaseZim kaCassper Nyovest ngezansi:

This is Zimbabwe last night!!!! Ai guys!!! I'm speechless #AfricaNa1 #Ghetto

A video posted by Refiloe Phoolo (@casspernyovest) on

v2

  - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

  - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-28°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-23°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 8-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...