Kuzomenyezelwa abaqokwe kumaSama

2015-03-09 14:30

Cape Town - Kungakapholi maseko kube nomcimbi wezindondo amaMetro FM Awards abaculi bazophinde sebheke emcimbini wamaSama njengoba kuzomenyezelwa abaqokiwe kulo nyaka.

NgoLwesine abaculi noDJ bakuleli bazobe bebambe umoya njengoba kuzobe kunomcimbi wokumenyezelwa kwabaculi abaqokiwe kumaSouth African Music Awards eGoli.

Kulo nyaka amaSama agubha iminyaka engu-21 asungulwa kanti kulindeleke ukuthi abe sezingeni eliphezulu njengoba ekhombisa ukukhula minyaka yonke.

URefiloe Ramnogase onguSihlalo wamaSama osanda kuqokwa kulesi sikhundla uthembise ukuthi kulo nyaka uzoba sezingeni lomhlaba lo mcimbi njengoba unedumela kakhulu kubantu baseNingizimu Afrika.

OLUNYE UDABA: Kuphambana imibono ngokuwina kukaCassper Nyovest

"Ngingena ezicathulweni zenqwaba yabantu abake baqhoqhobala lesi sikhundla kanti bonke bashaya umsebenzi oncomekayo.

"Ngakho nami ngingena ukuzokwandisa lapho begcine khona," kusho uRamogase ongumqondisi wenkampani iDream Team SA.

Kulindeleke ukuthi umcimbi wokumenyezelwa kabaqokiwe uhanjelwe yizikhulu zezinkampani zomculo, abaculi nabanye abasendimeni yomculo.

Kuvele ukuthi abaqokiwe emkhakheni obhekwe ngabomvu iKia Record of The Year bazomenyezelwa ohlelweni lukamabonakude i-Live Amp kuSABC 1 ngoLwesihlanu kusihlwa.

Kulolu hlelo abathandi bomculo bazophinde banikezwe neminye iminingwane ngendlela yokuvotela ingoba abafuna idle umhlanganiso kulo mkhakha. 

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-18°C Sunny. Mild. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Cool. Bloem: -1-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...