Kuzomcebisa ukukhulelwa uKim

2013-01-04 07:38

Los Angeles - Kubukeka kuzomsebenzela ngendlela ukukhukhulelwa kwakhe uphuma langa sikothe onguKim Kardashian, njengoba kuzomngenisela imali ebalelwa ku-$16 million.

Intokazi lena ikhulelwe umntwana wayo wokuqala nesoka layo uKanye West.

UKim uphezu kwezingoxo nezikhulu zesiteshi sikamabonakude othize, esihlela ukuqopha ukusuka nokuhlala kokukhulelwa kwakhe.

Akupheli lapho, uzophinda abe ngubuso bezigcobo eziningi ezisetshenziswa ngomama abakhulelwe.

Umthombo othembekile utshele abezindaba zeThe Sun wathi: "UKim bazomqopha ngazo zonke izikhathi uma eya kodokotela, bazomkhokhela isamba esingu-$16m. Baningi abafuna ukusebenzisana naye njengoba ezithwele."

Izithandani lezi kuthiwa zanquma ukuba nomtwana ngemuva kokuchitha isikhathi nendodakazi kaBeyonce noJay-Z uBlue Ivy, onezinyanga ezingu-11 ubudala.

"Yize noma uBeyonce noKim bengazwani kahle, uBeyonce waba ngowokuqala ukuhalalisela uKim, ekukhulelweni kwakhe," kusho umthombo.


 

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Numerous showers. Morning clouds. Cool. Pta: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 10-21°C Rain late. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...