'Kuzobuyiswa' uBrenda Fassie ekufeni

2014-07-31 11:33

Johannesburg - Emizamweni yokubuyisa ekufeni owayengumculi owayeshisa izikhotha kuleli uBrenda Fassie, kuzoba nomncintiswano wokucula, kusho abeJohannesburg Arts Alive International Festival.


Abazozama inhlanhla bazonikezwa ithuba ngomhlaka-2 Agasti, eBassline, eNewtown ngabo-10:00 kuya ku-18:00.

Kulabo abazobe behlulela kubalwa uBongani Fassie, uVusi Nova kanye noBrad Holmes, kubika iSowetan.

ULance Stehr weMuthaland Entertainment uthe lo mncintiswano uzobe unika ugqozu labo abafisa ukuba abaculi uphinde ubanike ithuba lokuba baziveze baqoshwe becula iculo likaBrenda elilodwa.

"Lesi senzo akusiso esokwenza iculo lika Brenda Fassie njengoba linjalo kodwa elicishe lifane nendlela ayecula ngayo," kusho uLance Stehr.

Bayacelwa abantu ukuba bacule noma yiliphi iculo likaBrenda Fassie nanganoma iyiphi indlela abafuna ukulicula ngayo.

Oyohlomula uyoqoshwa ecula bese lelo culo lihanjiswa emsakazweni.

Uyophinde athole nethuba lokuba acule bukhoma ekhonsathini yeJazz on the Lake, okuyiyo ezobe ivula i-Arts Alive Festival ngomhlaka-31 ku-Agasti

Lo mculi washona ngo-2004 ngemuva kokweqisa ezidakamizweni.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Light rain late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...