Kuzobe kuboshelwe koweJazz Festival

2012-01-30 12:48

Cape Town - Kulindeleke ukuthi umzwilili emculweni we-Afro-Jazz, uZamajobe, abe yingxenye yabazobe beshiyelana inkundla koweCape Town International Jazz Festival, kubika iSowetan.

UZamajobe, nowaqala ukugqama ngesikhathi engenele uhlelo lokuvundulula amakhono iSouth African Idols ngo-2003, nalapho akwazi khona ukuba ngomunye wabahlanu abahamba phambili, useke wanyamalala isikhathi eside kwezikaqedisizungu kulandela ukukhipha ama-albhamu amabili enza kahle kakhulu.

Kodwa, ngesontl eledlule umenyezelwe njengomunye wabazonandisa kulo mcimbi waminyaka yonke, nobandakanya abaculi baphesheya okubalwa uMarcus Miller, uPatti Austin neqembu laseJamaica iThird World.

Kanti abakuleli kubalwa uZahara, uHip-hop pantsula, uHerbie Tsoaeli, uLindiwe Suttle, Unathi Msengana noZakes Bantwini.

"ICape Town International Jazz Festival akuyona kuphela eyokujabulisa izihlwele, kepha iqinisekisa ukuthi ezamaciko zigcinwa ziphila kuleli," kusho uNgqongqoshe webuCiko namaSiko uPaul Mashatile.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-26°C High level clouds. Warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...