Kuyoshiyana ukwenza kowoGu Jazz
2012-05-09 14:44
Durban - Kuboshelwe izingqungqulu zabaculi kuGu Jazz
Festival eba sePort Shepstone minyaka yonke, kulokhu lo mcimbi uzoba
ngoJuni 23 kuGu Sports and Leisure Centre, kubika iSolezwe.
USiya Msomi we-Cyassound okuyinkampani ehlanganisa lo mcimbi uthe konke sekuhlangene.
“Abaculi sebeqinisekisile ukuthi
bazobe bekhona, nezinkontileka sebezisayinile, koShoprite nakuma
computickets sebeqalile ukudayisa amathikithi,” kusho uSiya.
Uthe kuzokuba khona abaculi
abafana no-Oliver Mtukudzi, Lira, Siphokazi, Ringo, Thandiswa Mazwai,
Zakes Bantwini, Zahara, Mbongeni Ngema, MiCasa, Futhi Mahlasela,
Stimela, Bongani Nkwanyana, Brian Thusi, Nomalanga, Sisanda, uMkhumbane
Jazz Ensemble, DJ Msheddys noDJ Muntu.
Uthe ithikithi likawonke wonke lizokube lingu-R200 kuthi elezicukuthwane libe ngu-R600.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24