Kuthiwa akagxile emaphilisini oweBig Nuz ongaphilile

2015-07-18 11:01

Johannesburg – Ilungu le-Big Nuz, u-R Mashesha, liyelulama ngemuva kokungabonakali isikhathi eside ngenxa yokugula.

Ngokombiko weMove, u-R Mashesha wayalelwa ngodokotela ukuba ehlise kancane ngemuva kokugula okumshiye etengezela edinga ukuphumula.

UMashesha ezinkundleni zokuxhumana ubethola ukudelelwa ngokwehla kwakhe emzimbeni nangokuhlala eyobonana nodokotela, kanti abanye abalandeli beBig Nuz bebesho nokusho ukuthi ubulawa yingculazi.

Asikho isidingo sokuba abantu bakhathazeka njengoba abaphathi beBig Nuz bethi welulama kahle.

Funda nalolu daba: Umndeni kaZinhle udunguza ebumnyameni ngokuzalwa kwengane

"Welulama kahle futhi welulamela ngasekhaya, kodwa kuzomele akuqonde ukubaluleka kokudla amaphilisi akhe," kusho isikhulu se-Afrotainment, uDJ Tira.

"Ugxile kakhulu emculweni nokuhamba kakhulu izindawo. Kuzomele abeke phambili isimo sempilo yakhe.”

UDanger, naye oyilungu leBig Nuz, ukuqinisekisile ukuthi umngani wakhe uyagula kodwa hhayi njengokuba abantu besho.

"Ngicabanga ukuthi kuzomele ehlise izinga lokusebenza ngoba kumele adle amaphilisi,” kusho uDanger.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 20-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-23°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Rain showers. Cloudy. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...