Kungishintshile ukuya ejele - Cassper Nyovest

2015-06-12 12:33

Pretoria – Isihlabani somrepha waseNingizimu Afrika uCassper Nyovest uthe kushintshe impilo yakhe ukunandisa ejele laseBaviaanpoort Maximum Correctional Facility ePitoli.

Ngokubika kwe-eNCA lo mrepha oseke wahlabana nenqwaba yezindondo uthole ithuba elingandele abaningi ukuyonandisela iziboshwa ngemuva kokuba zimvotelile.

Kubikwa ukuthi iziboshwa zanikezwa ithuba lokuthi zivotele umculi ezingathanda ukuba azozinandisela.

UCassper wanqoba ngamalengiso njengoba kunguyena mculi owavotelwa kakhulu yiziboshwa.

OLUNYE UDABA:Kumenyezelwe abaqokwe kumaMAMAS

Ngemuva kokunandisa kuleli jele ngoLwesithathu lo ubhale enkundeni yakhe yokuxhumana iTwitter lapho ekubeke kwacaca ukuthi ukuhlangana neziboshwa kushintshe impilo yakhe.

“Nginandisele iziboshwa eBaviaanspoort Prison kanti impilo yami isishintshile.

"Bangitshele ukuthi umculo wami ubanikeza ithemba,” kubhala lo mrepha kule nkundla.

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Mild. Pta: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-24°C Sunny. Mild. Bloem: 3-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 13-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...