Kungase kuboshwe uJudith Sephuma
2013-02-04 10:01
Johannesburg - Umzwilili uJudith Sephuma, angase azithole edonsa ejele, kulandela isehlakalo sengozi yomgwaqo edlule nomphefumulo kagogo oneminyaka engu-79 ubudala.
USephuma angase abhekane necala lokubulala ngokungenhloso, imibiko ithi ushayise ngemoto ugogo waseSoweto, ngoMsombuluko ekuseni.
Umthombo weSunday World uthi uSephuma ubehamba yedwa ngesikhathi kwenzeka ingozi, ngezithuba zawo-11:00, kuthiwa uphume emotweni wayoxilonga ugogo.
Amaphoyisa atheleke endaweni yesehlakalo athe uSephuma akaphuthumise ugogo emtholampilo.
"Umphuthumise eChris Hani Baragwanath, waphelela emagcekeni. Bekucacile ukuthi uzohamba,” kusho ozibonele isehlakalo.
USephuma ube eseya esiteshini samaphoyisa eMoroka, wenza isitatimende.
"Ubelokhu ethandaza uSephuma, ubekhala nokukhala futhi engafuni le ndaba iphumele kwabezindaba.”
Okhulumela amaphoyisa uKay Makhubela uyiqinisekisile le ngozi, uthi umculi ubhekene necala lokushayela budedengu okwamanje.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24