Kumiswe inkonsathi ye-Avante
2012-11-14 14:00
Durban - Ihoxisiwe isigubhukane ikhonsathi ebizoba
ngoNovemba 24 KwaMashu Christian Centre yokugubha iminyaka engu-20
iqembu lomculo wokholo labesilisa i-Avante langena emculweni.
Isolezwe lihabule ukuthi
ukuhlehliswa kwale khonsathi kudalwe wukungaboni ngaso linye phakathi
kobeyimenenja yeqembu uXolani Majozi ongumnikazi weXolani Majozi
Entertainment namalungu eqembu oLinda Gcwensa, James Langa noLucky Cele.
Igoda lokusebenzisana phakathi kweqembu noXolani ligqabuke ngeledlule, ngokusho kwakhe uXolani.
UXolani utshele leli phephandaba
ukuthi izingqinamba ezenze ukuthi le khonsathi abeyihlelile ingabe
isaqhubeka bezingeke zisagwemeka nokwenze ukuthi “athathe isinqumo
esinzima” sokuyihoxisa.
“Ukubambisana esasinakho
ngesikhathi siqala ukusebenzisana ngo-2010 bekungasafani manje, lokho
obekwenza umsebenzi wami ube nzima kakhulu. Isikhathi esiningi besihlale
siphikisana, ngabe sengibona ukuthi imiqondo yethu ayicabangi
ngokufana, izinto eziningi asivumelani ngazo. Lokhu kuze kwangiphoqa
ukuthi ngingabe ngisaqhubeka nekhonsathi, cabanga bese ngihlele
kangaka,” kusho uXolani.
Ilungu laleli qembu, uLinda, lithe belingakayizwa indaba yokuthi abasasebenzisani noMajozi.
“Ngokwazi kwami usengumphathi
wethu futhi nguye osibikele ukuthi ikhonsathi uzoyihoxisa. Ukuhoxiswa
kwayo bekwenza umqondo kithi njengoba bese kusele amasonto amabili
ukuthi ibe khona kodwa besingakaze sibe nesikhathi sokuzilungiselela."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24