Kumhambela kahle uSindi Nene

2013-01-11 11:01

Johannesburg - Yize noma ahluleka emncintiswaneni wama-Idols, uSindi Nene, 24, zibukeka zimhambela kahle kakhulu izinto njengoba esekwaze ukukhipha i-album yakhe, nethengisa kahle ezitolo futhi esengene kwezamabhizinisi.

USindi waba kwabathathu bokugcina emncintiswaneni wango-2010. Abaningi banokumfanisa nomculi ongasekho uBrenda Fassie.

“Ngesikhathi ngiphuma kuma-Idols, angikhalanga. Ukuba kwabathathu abaphezulu kwakukukhulu kona kukodwa. Akusikho engangikulindele ngesikhathi ngiya kwinhlolokhono."

Lo mculi osho ngezwi eliphezulu kakhulu uma uliqhathanisa nocwephe lomzimba wakhe, ukhulume nephephabhuku iDrum, wabakhombisa nesoka lakhe, azifelayo ngalo uKeith Danga.

Ngenxa yempumelelo kaSindi kwezomculo, uKeith kwadingeka ashiye umsebenzi wakhe njengemenenja eZulu Jazz Loung, azoba yimenenja kaSindi.

Lezi zithandani zahlangana ngo-2009, ngesikhathi uSindi enza unyaka wesibili e-University of KwaZulu-Natal, enza izifundo zomculo.

Esikhathini esingesingakanani lo mculi usungule inkampani ethi yena i-Oga Sounds, okumanje isebenzisana nezinkampani ezinkulu ezihlanganisa ne-Eskom.

"Okwamanje asikacabangi ngomshado ngoba sisebancane, esikufunayo ukukhulisa uthando lwethu kuqala siphinde sikhulise nebhizinisi lethu."





 - Thola lolu daba luphelele kuDrum

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C Decreasing cloudiness. Cool. PE: 13-19°C Scattered showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...