Kumenyezelwe abaqokwe kumaMAMAS

2015-06-12 11:29

Johannesburg – Kumenyezelwe abaqokiwe emcimbi wemiklomelo waminyaka yonke am-MTV Africa Music Awards (MAMAs) eClub Harem eRosebank eGoli.

Ngokubika kweDaily Sun izicukuthwane ebezihambele lo mcimbi obungoLwesine kusihlwa zithokozele umculo kubaculi okubalwa kubo uBucie, Black Motion, Cassper Nyovest, Patoranking waseNigeria neDiamond Platinumz yaseTanzania.

UCassper Nyovest uyena umculi ohamba phambili ngokuqakwa kula ma-awards njengoba eqokwe emikhakheni emithathu bese elandelwa ngezinye izihlabani zeHip Hop eMzansi u-AKA no-K.O abaqokwe emikhakheni emibili.

UBusiswa noBucie bazobanga emkhakheni weBest Female njengoba kulo mkhakha bezobanga nabanye abaculi okubalwa kubo uSeyi Shay noYemi Alade baseNigeria noVanessa Mdde waseTanzania.

OLUNYE UDABA: Uthi ungumpetha wokuqabula owavela ohlelweni i-OPW

Abanye abaqokiwe kula ma-award kubalwa iBlack Motion, Beatenberg, Big NUZ, Duncan, Jimmy Nevis, Divido neP Square baseNigeria, uSauti Sol waseKenya, uYuri Da Cunha noB4 base-Angola noSarkodie waseGhana.

UBonang Matheba uqokwe emkhakheni wePersonality of the Year lapho ezobanga khona nosomahlaya uTrevor Noah, umlingisi weBasketmouth u-OC Ukeje nomdlali webhola likanobhutshuzwayo wase-Ivory Coast uYaya Toure.  

Abanye abaqokiwe emikhakheni yeMTV Base Leadership Award neBest International Act basazomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.

Umcimbi wokumenyezelwa kwabaqokiwe uzoba ngomhlaka 18 kuJulayi 2015 eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini kanti amathikithi azoqala ukudayisa eComputickets ngomhlaka 18 kuJuni ngo-R267.

        - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

           - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -3-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 11-20°C Sunny. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...