Kulindeleke izodumisa kuleli iMary Mary
2013-02-14 14:02
London - Abaculi bowokholo asebeqoqe imiklomelo emingini, abangabaseMelika beqembu iMary Mary kulindeleke ukuba batheleke eNingizimu Afrika ukuzonandisa ngoMashi 31 eRhema Bible Church eRandburg, kubika iSoweto.
Laba banqobe indodo ye-Best Gospel Song kuma-Grammy.
IMary Mary yakhiwe yizelamani ezimbili u-Erica noTina Campbell, ezakhipha icwecwe lazo lokuqala ngo-2000 elithi-Thankful eladayia kahle kakhulu labanqobisa indodo yokuqala kuma-Grammy, ngaphansi kwe-Best Contemporary Soul Gospel Album ngo-2001.
Kulindeleke ukuba banandise ubusuku obubodwa kuphela njengokwezinhlelo.
Ngokusho kukaSonia Motaung ongumkhangisi weBase Africa Media, lesonto limumatha abantu abangu-7 000 kodwa kuzodayisa kuphela amathikithi angu-5 000.
"Abathathu baseNingizimu Afrika abacula wona owokholo, bazovula inkudla, kodwa okwamanje ngeke badalulwe ukuthi bangobani ngoba abakazisayini izinkontileka,” kusho uMotaung.
Ngesikhathi lezi zelamani ziselapha, zizophinde ziqophe uhlelo lwazo olwaqala ukudlala ku-WEtv ngoMashi 13 ngonyaka odlule.
Amathikithi okubabukela becula eRhema Bible Church azoqala ukudayisa ngoFebhuwari 18.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24