Kudutshulwe umculi wakuleli eMidrand

2013-10-28 07:40
Khuli Chana (File, Facebook)

Khuli Chana (File, Facebook)

Johannesburg - Uyalulama ekhaya umculi wakuleli oseke wahlabana nezindondo eziningi, ngemuva kokudutshulwa amaphoyisa eMidrand ngezintatha zangoMsombuluko, njengoba ethi ubephuma egigini.

Umculi we-hip hop, uKhuli Chana, ubesendleleni eya emzini wakhe ngesikhathi elandelwa yimoto engamakiwe.

Kudutshulwe izikhawu eziyisithupha, kusho usaziwayo onguMelanie Bala enkundleni yezokuxhumana uTwitter.

Kuthiwa amaphoyisa enze iphutha adubula ecabanga ukuthi uChana yisigebengu abasifunayo nokuthiwa naso sihamba ngemoto efana neyalo mculi, kubika i-Eyewitness News.

UChana udubuleke emnweni wathola imihuzuko nasemhlane, kusho imenenja yakhe uRefiloe Ramogase.

URamogase uthe bazovulela amaphoyisa icala lokuzama ukubulala.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...