Konke kumi ngomumo koweJazz eKZN

2011-06-24 08:44

Durban - Umcimbi we-jazz owenzeka minyaka yonke uGu Jazz Festival ozoba sePort Shepstone uthembisa ngokuba seqophelweni eliphezulu nonyaka njengoba kulindeleke inqwaba yabathandi bomculo ukuthi bazowuthamela.

Lo mcimbi ukhula minyaka yonke, kanti abaculi abazonandisa kowalo nyaka kubalwa uCaiphus Semenya, Letta Mbulu, Ringo Madlingozi, Jonas Gwangwa, Selaelo Selota, Siphokazi, Zama Jobe, Nkule Dube noTender Mavundla.

KoDJ abazobe bekhona kubalwa uMuntu noMsheddys, nokulindeleke ukuthi badansise izihlwele kuze kuphume ilanga.

Kuzoba namaphathi awuxhaxha azobe andulela lo mcimbi.

Umgqugquzeli walo mcimbi uSiyabonga Msomi uthe: "Ngiyakholwa ukuthi sesikulungele ukusingatha lo mcimbi. Konke kumi ngomumo kanti futhi sithanda ukuqinisekisa abazofika ukuthi bazobe bephephile.'


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...