Izobe iyincenga eThekwini iMi Casa

2012-04-13 07:31

Durban - Abathandi be-house edle ngezinsimbi ezishaya ngesigqi esingasheshi bazozitika ngomculo weqembu lezinsizwa ezintathu elishisa izikhotha, iMi Casa, eBoulevard kuFlorida Road ngeSonto emcimbini obizwa nge-One & Only, kubika iSolezwe.

Lo mcimbi ohlelwe yinkampani eyenza imicimbi ephinde ikhangise, iT5SE nesiteshi sethelevishini somculo iMTV Base, uzoqala ngehora lesibili emini uze uphele entathakusa.

Leli qembu elihlanganiswe nguDr Duda onguphrojusa obuye abe nguDJ, J-Something ongumculi ophinde ashaye nesigingci noMo-T oshaya imfiliji, lizobe liqhulula amanoni alo afana neThese Streets, Heavenly Sent, La Vida nezinye.

Umgqugquzeli walo mcimbi, uSibo Mhlungu, uthe ngaphandle kwaleli qembu eliqokelwe emaqoqweni amaSouth African Music Awards okubalwa kuwo iBest Dance Album, Best Duo or Group, album Of The Year neMTN Records of the Year lizobe liphelezelwa ngoDJ.

Uthe amathikithi ayatholakala eComputicket, Shoprite naseCheckers ngo-R100 kuthi awe-VIP abiza u-R150.

Iphephandaba Isolezwe liphisana ngamathikithi ahamba ngamabili kubafundi abahlanu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ziyawushaya koweMetro FM

2014-11-22 09:09
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-25°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 14-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-22°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 19-25°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild. PE: 17-21°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...