Izingane Zoma zize neseka uZuma

2012-11-02 10:32

Johannesburg - Iqembu likamaskandi labesifazane, Izingane Zoma, nelingafihli ukuthi lihamba noMengameli Jacob Zuma, lizokhipha i-albhamu eseka ihlandla lesibili lalo mholi, esihloko sithi Dark or Blue JZ Second Term.

Le albhamu izotholakala ezitolo ngoLwesihlanu oluzayo, kubika iSowetan.

Leli qembu elalithwele ngeqoma uZuma ngesikhathi kubhekwe okhethweni luka-2008, lithi nakanjani uzophinde aqokelwe kulesi sikhundla sokuhola i-ANC, bethanda bengathandi abantu.

"Isihloko se-albhamu sigeqa amagula," kusho uShobeni Khuzwayo, nonguprojusa waleli qembu.

"Sibhekise kulabo abasanokungabaza ukuthi uZuma uzophinde akhethwe futhi.

"Amaculo ethu amaningi aba ngezinto esiziphuphayo, yingakho ziphumelela nje," esho.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-18°C High level clouds. Mild. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 1-20°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 9-22°C Sunny. Mild. PE: 12-19°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...