Izigebengu zigqekeze indlu kaR Mashesha

2015-08-11 07:24

Durban – Izigebengu zigqekeze indlu yangaphandle obekuhlala kuyo umculi weBig NUZ osanda kushona kubo eMlazi esigcemeni sakwa-D zantshontsha izimpahla ezahlukene ngokusho kombiko.

Ngokubika kweDaily Sun umndeni kaR Mashesha ubungazelele lutho bekungena kuphuma abantu bebengena bephuma bezoduduza umndeni ngemuva komshophi wokulahlekelwa uR Mashesha ogamalakhe langempela uSibusiso Khomo.

Ngokusho kukaZonke Khomo ongudadewabo kalo mculi oshone ngoLwesihlanu izigebengu zishiye indlu kamfowabo imapeketwane njengoba zebe izimpahla zokugqoka zakhe ezibizayo, amawashi ohlobo oluphambili, i-laptop yakhe yohlobo lakwa-Apple iMac, i-2015 Sony Playstation yakhe namateki.

“Sihlangane ngeSonto ebusuku senza umkhuleko, sesiqedile sothole ukuthi indlu yakhe ngaphandle egcekeni igqekeziwe.

OLUNYE UDABA: Umculi wodumo uphika eyokujola nothisha

Sicabanga ukuthi abenze lokhu bebenolwazi ngokuthi uhlala kuyiphi indlu futhi bazotholani kuyona.

Sivule amasango asekhaya ukuze abantu bakwazi ukungena bezosiduduza ngalesi sikhathi njengoba besicabanga ukuthi bazwelana nathi.

Besingazi ukuthi abantu bangasebenzisa leli thuba ukuzontshontshela u-R Mashesha ikakhulukazi ngalesi sikhathi sisahleli emakhandleleni,” kusho uZonke. 

Uqhube wathi lesi senzo siwubulwane obuphindiwe ukuthi kungebiwa izimpahla zomuntu osanda kushona ongakabekwa nasendaweni yakhe yokugcina.

“Kumele sithole ukuthi ubani owenze lokhu.

Kuyacaca Ubuntu abusekho ebantwini ukuthi kukhona ongantshontshela umuntu ongakangcwatshwa nokungcwatshwa,”esho ngokunengeka. 

UZonke uthe bebengakaziphothuli izinhlelo zomngcwabo walesi sihlabani somculo.     

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
3 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...