Isililo kudlula uVictor Ntoni emhlabeni

2013-01-29 12:01

Johannesburg - Umculi we-jazz uVictor Ntoni ushiye abaningi bedumele endimeni yomculo ngesikhathi ebulawa yisifo senhliziyo esibhedlela esiseGoli, kubika iphephandaba iThe Star ngoLwesibili.

Ubeneminyaka engu-65 ubudala.

Unkosikazi wakhe uLinda Ntoni uthi ungeniswe esibhedlela ngoLwesine ngenxa yokukhwehlela okungapheli.

"Kutholakale ukuthi unamanzi emaphashini.

"Bazamile ukumsindisa ngesikhathi eshaywa yisifo senhliziyo ngoMsombuluko kepha kwazinhlanga zimuka nomoya," esho.

UNtoni, wajoyina iqembu iDollar Brand Trio eseyinsizwa, nokuyiqembu elalihlanganisa nomdlali kapiyano odume umhlaba wonke, u-Abdullah Ibrahim.

Usebenzisane nabaculi abafana noHugh Masekela no-Abigail Khubeka, kanti uzunywa ukufa nje ubesanda kusebenzisana noDJ Black Coffee ekwenzeni kabusha iculo lakhe elithi Usizi.

Ushiya ngasemuva izingane eziyisithupha nabazukulu.

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 16-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...