Isidingo ngeke siqedwe

2012-11-02 14:45

Cape Town – Yize esabalele kuhle okomlilo wequbula amahemuhemu athi sizophela Isidingo - nesenza kahle kakhulu kuSABC3, lokho ngeke kwenzeke kusho iSABC.

Lokhu kulandela ukusabalala emaphepheni omgosi ukuthi lo mdlalo owuchungechunge nothandwa ngabaningi uzophela.

Iqiniso lithi lo mdlalo isazotshengisa okungenani amanye amasizini amabili kuSABC3.

Kulo nyaka abakhiqiza lo mdlalo bagqemeke ingozi engeqiwa ntwala ngesikhathi umlilo ubhubhisa lapho belingisela khona.

Kwadingeka ukuthi lo mdlalo ushuthelwe ngaphandle amasonto ambalwa.

"Sithanda ukuphebeza le mibiko siphinde siqinisekise ukuthi Isidingo asiyi ngawo," kusho iSABC.

Isidingo sibonakala njalo ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-19:30 kuSABC3.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 12-23°C Afternoon clouds. Mild. PE: 16-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...