Incwadi evulelekile ebhalelwe uRobert Marawa

2015-04-23 12:33

Johannesburg - Isihlabani sakumabonakude esiphinde sizwakale emsakazweni ohlelweni lwezemidlalo i-083 sport@6 kuMetro FM sisolwa ngokungabibikho empilweni yendodana yaso.

Encwadnini etholakale enkundleni yezokuxhumana uFacebook ebhalwe owayeyintombi kaMarawa ophinde abe ngumama wendodana yakhe u-Awande, uZoe Mthiyane, usevulele abaningi isifuba ngenhlupheko yakhe.

Lo mlingisikazi ophinde abengunobuhle ozinze e-Australia uthe usezame kaningi ukwenza uMarawa abe yingxenye yempilo yengane yakhe kodwa kube zinhlanga zimuka nomoya.

"Eminyakeni edlule sengihlupheke kakhulu ngedwa ngithembele kubangani ukuba bangisize ngendawo yokuhlala.

"Sengizame kaningi, ngithumela izithombe nama-video endodana yakhe kuye kodwa lutho ukuphawula," kubika iTimes Live.

OLUNYE UDABA: Incwadi evulelekile ebhekiswe ku-Oupa Manyisa

"Sengikhathele ukuzama ukuxhumana naye ukuze adlale indima yakhe njengomzali."

UMarawa uziphendulele ngokuthi: "Engangikufuna ithuba lokuba nendodana yami hhayi imizamo yokungicekela phansi. Angeke ngikwazi ukuphendula incwadi engabhalelwe mina kodwa ebhalelwe abezindaba," etshela abeSowetan.

Ukuze ufunde le ncwadi cindezela le link -  Incwadi evulelekile

   - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

   - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 9-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 17-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...