Ibadidile iNdidane

2012-12-04 12:38

Durban - Indidane evamise ukudida abaningi uMtshengiseni Gcwensa ufake isitembu sokugcina ngesikhathi eqokwa njengeNkosi yoMaskandi, emncintiswaneni wokuqala ngqa obizwa ngaMantshontsho Kamaskandi Awards.

Indidane igoduke nenndondo yeculo lonyaka, ishaya abaculi abahlangaisa imbangi yakhe uThokozani "Somnandi" Langa.

Uhlanyise abathandi bakhe ngesikhathi eshaya uhleko lwakhe lodumo, enyukela esiteji eyothatha indondo yakhe.

UBoneni Magubane ukhale mi, ngesikhathi ethola indondo yokuba ngowesifazane ovelele, le ndondo wayithola nasemncintiswaneni owabe usezinyangeni ezimbili ezedlule iSouth African Traditional Music Achievement Awards.

ISilo iNkosi uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu sidlulise umlayezo komasikandi kanye nabantu bonke sathi kumele amaciko kamasikandi ahlonishwe ngoba adlulisa umlayezo kubantu abaningi.

“Ngiyajabula ukuthi uhulumeni waKwaZulu-Natal uyaweseka lo msebenzi njengoba sekuhlangene nabaculi kwaqanjwa ingoma ethi Musani Ukubulala Obhejane," kusho iNdidane.
 

 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...