IJoyous izobe iyivuma eThekwini
2011-07-22 16:19
Johannesburg - Iqembu elidumile kuleli lomculo wokholo, iJoyous Celebrations, lizonandisa njengoba lugubha iminyaka engu-15 lasungulwa, kubika iphephandaba iSowetan.
Lizocula amaculo amasha akwi-albhamu entsha esihloko sithi My Gift To You.
Lowo owayekhona kusungulwa leli qembu uJabu Hlongwane uthe: "Sijbule kakhulu ngokubuyela ekhaya eThekwini ukuyotshengisa ikhono esalithola ngonyaka odlule ngesikhathi kunama-auditions.
"Lolu hambo lubalulekile kithi. Sizobe sitshengisa ngethalente elimangazayo lomdlali wethu omusha wama-drums u-Uyanda Msane oneminyaka engua-11 ubudala nomculi omusha u-Ayanda Shange."
Lolu hambo luqale eSouth African State Theatre ePitoli lwadlulela e-Eastern Cape lapho leli qembu libe namakhonsathi amathathu khona.
Iphephandaba iSowetan kanye neMTN Joyous Celebration baphisana ngamathikithi kubantu ababili abazoba nenhlanhla, nabazothola ithuba lokubukela le khonsathi eThekwini ngoMgqibelo, Julayi 30.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter.
- News24