IDrum iyalelwe ukuba ixolise
2013-02-20 07:37
Johannesburg - UMehluleli weZindaba uyalele iphephabhuku iDrum ukuba ishweleze kumethuli weTop Billing uBonang Matheba ngokushicilela amarekhodi akhe ezempilo ngaphandle kwemvume yakhe.
UMatheba wafaka isikhalazo ngodaba olwaphuma kuDrum ngoJulayi 19, nalapho leli phephabhuku lalilandisa ngokuxabana kukaBonanga noThemba Nkosi, odume ngelika-Euphonik, ngesikhathi befakana ezinkantolo ngecala lokushaya.
Kulolu chungechunge lwezindaba zikaBonang, kwavela nokuthi uthi akazange asikhiphe isisu, akazidli izidakamizwa kanti u-Euphonik umbophela amanqina enyathi.
UBonang ukhala ngokuthi udaba lolu lwalungadingeki ukuba lwaziwe ngumphakathi futhi lwalumbeka kabi.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA