I-SABC izotshengisa ifilimu ngoJub Jub

2013-02-18 16:33

Johannesburg – Umdlalo ngempilo kaJub Jub okade walindelwa ngabomvu ungase ubonakale komabonakude.

Le filimi eyihora ubude bayo imayelana nempilo yomculi owayeqavile kanye nangokuwa kwakhe.

Lo mculi wengoma eyashisa izikhotha ethi Ndikhokhele watholakala enamacala amane okubulala, amabili okuzama ukubulala, kulandela ukubekelelana ngezimoto emgwaqeni womphakagthi okwashiya kushone izingane ezine.

UMolemo 'Jub Jub' Maarohanye nalowo athweswa naye icala uThemba Tshabalala bagwetshwa iminyaka engu-25 bebhadla ejele.

UMaarohanye wedlulisa isinqumo secala eNkantolo eNkulu eSouth Gauteng.

Umphathi weSABC uLeo Manne uthe kunezingxoxo eziqhubekayo nomdidiyeli wohlelo, weBaxopath Media, ngakho ngeke akwazi ukwenaba ngemininingwane.

Kodwa okhulumela uMaarohanye uvele wagonyuluka: “Ngingakuqinisekisa ukuthi umdlalo usuthengiwe ngabakwa-SABC,” usho kanje.

IBaxopath Media iphethwe ngabangani bakaMaarohanye kanye nomlingani wakhe kwezamabhizinisi uRali Mampeule.

UCino Searer, okhulumela uMaarohanye, akasidalulanga isamba semali okuthengwe ngaso lo mdlalo nokuthi uzodlala kusiphi isiteshi.

Lo mdlalo uqala ngokuthi kuvele uMaarohanye edabukile, egcwele izinyembezi, ethi: "Ngabe nginamanga uma ngingathi angikaze ngicabange ukuzibulala.”


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



- City Press

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-19°C Sunny. Mild. Pta: 1-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 0-14°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -1-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-19°C Afternoon clouds. Cool. PE: 10-16°C Showers early. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...